| EGol' impilo ayikho |
| Alukh' uthando |
| Kugcwele umhobholo |
| Wonk' umuntu usewu gombela-kwesakhe |
| EGol' impilo ayikho |
| Alukh' uthando |
| Kugcwele umhobholo |
| Wonk' umuntu usewu gombela-kwesakhe |
| Ngizwa kukhala amaviyo oh |
| Bayangibiza emakhaya |
| Ngizwa kukhala amaviyo oh |
| Bayangibiza emakhaya |
| Sengikhumbul' ekhaya |
| Nyawo zami ngibelethe |
| KwaFelubala, sengilel' esifubeni samama |
| Sengikhumbul' ekhaya |
| Nyawo zami ngibelethe |
| KwaFelubala, sengilel' esifubeni samama |
| Ngizwa kukhala amaviyo oh |
| Bayangibiza emakhaya |
| Ngizwa kukhala amaviyo oh |
| Hee eh bayangibiza emakhaya |
| Zonk' insuku ze calendar |
| Zonk' insuku ze calendar |
| Ngiseyimayini ngiyasebenza |
| Ekhaya ngibabona December |
| Zonk' insuku ze calendar |
| Zonk' insuku ze calendar |
| Ngiseyimayini ngiyasebenza |
| Ekhaya ngibabona December |
| Ow indizamshini ipheth' umuthi olaphayo |
| Ow indizamshini ipheth' umuthi olaphayo |
| Wahelez' umoya, isiphepho nephimbo kwaphum' ingoma emnandi |
| Kwadans' iNingizimu Afrika yonke, inqola indizamshini |
| Akukho lapho bengafinyeleli khona, isenzasamuntu |
| Ububanzi bomuntu sibufanisa nedayimane elimnyama |
| Int' eswenka kubande kwamancane entombini |
| Uyalaz' isoka lamanyala |
| Ushuni wakudala kuphela uthintwa isandla esisha |
| Ingoma yazalwa kabusha eMnambithi yamamatheka yonk' i Afrika |
| Yathi «ingoma emnandi iyaphindwa» |
| Phind' ubhale futhi Cofi ngabe sengiyabhala |